Könyv Inkambo Yomzalwane Mbongeni Phatumuzi Njeke

Inkambo Yomzalwane

Nyelv: Angol
Kötés: Puha kötésű
Elérhetőség: Beszállítói készleten
Küldés 14-21 napon belül
6 956 Ft
Kulencwadi "INKAMBO YOMZALWANE" umbhali wayo okungu- M.P. Njeke, ubhala ngokumele kwenzeke kumuntu o...

Információk a könyvről

Nyelv
Angol
Kötés
Könyv - Puha kötésű
Kiadva
2026
oldal
178
EAN
9798235681354
Enbook ID
52752753
Súly
184
Méretek
127 x 203 x 10

Teljes leírás

Kulencwadi "INKAMBO YOMZALWANE" umbhali wayo okungu- M.P. Njeke, ubhala ngokumele kwenzeke kumuntu osuke esezelwe kabusha futhi wamukela uKristu njenge Nkosi noMsindisi empilweni yakhe. Inhloso ngqangi yombhali; ukufundisa ngendlela umzalwane okumele aziphathe ngayo, nezinto okumele azenze nokungafanele azenze empilweni yakhe yobuzalwane, kwesinye isikhathi okungakhulunywa ngazo emabandleni.

Okunye, ukufundisa ngokuthi, yona ngempela insindiso iyini ngokwezifundiso zika Kristu beno Phawula. Kulencwadi U-M.P. Njeke ufundisa kabanzi ngomehluko abaningi abangawazi noma abangawuboni phakathi kwekholwa, umzalwane kanye nomhedeni. Uphinde futhi afundise kabanzi ngokuyokwenzeka ngesikhathi ibandla selihlwithwa (Rapture), ngezinhlupheko ezinkulu (Tribulation), ukubuya kweNkosi Jesu kwesibili (Second Coming), iminyaka eyinkulungwane (Millennial years) okuyolandelwa ukubhubha komhlaba.

Lena yincwadi eqoqela ndawonye konke okudingakho ukuhlomisa wena nami endleleni yethu yasensindisweni ebheke ezulwini. Ngiyethula kuwena ngentokozo nokwazi ukuthi kuningi obungakwazi ozokuzuza kuyona. Lencwadi yinhle kakhulu ekufundiseni ezifundweni ze Bhayibheli (Bible Studies), nokufundisa kakhulukazi ebandleni, kakhulukazi labo abasuke sebemukele insindiso. Ngakho-ke yithokozele ngoba ibhalwe ngolimu lwakho ukuze wazi ukuthi nawe njengomZulu, ubalulekile embusweni kaKristu.